I-World Wide Web Consortium imemezela ukuvulwa kweHhovisi Layo LaseNingizimu ye-Afrika

http://www.w3.org/ -- 24 April 2007 -- I-World Wide Web Consortium (W3C) imemezela ukuvulwa kweHhovisi Layo LaseNingizimu ye-Afrika futhi imema bonke ochwepheshe bakule ndawo ukuba bajoyine umzamo wamazwe ngamazwe wokusungula izimiso zeWebhu ku-W3C. Leli hhovisi liphansi kwe- Meraka Institute, isikhungo esilawulwa i- Council for Scientific and Industrial Research (CSIR) ePitoli, eNingizimu Afrika.

I-W3C imema umphakathi nabezindaba ukuba babe khona emcimbini wokuvula oyoba se-CSIR Convention Centre ePitoli mhla ka-14 May 2007. Abameleli abavela kule mboni nabaholi bezemfundo eNingizimu ye-Afrika bayokhuluma mayelana noBuchwepheshe Bolwazi Nezokuxhumana (Information Communications and Technology [ICT]) futhi abasebenzi be-W3C bayoveza umsebenzi wamuva nje. Uhlu lwezikhulumi kulo mkhosi luhlanganisa nalaba:

  • Mr. Quentin Williams, uMqondisi WeHhovisi LaseNingizimu ye-Afrika
  • Dr. Daniel Dardailler, onguZakwabo kaSihlalo we-W3C
  • Mr. Stephane Boyera

Uma ufuna ukubakhona, hambela le ngosi noma uthumele i-imeyili enegama lakho, isikhundla, inkampani nemininingwane yokuxhumana nawe kuDikeledi Moche <dmoche@csir.co.za> kule nombolo +27 12 841 2110.

INingizimu Afrika Ikhula Kakhulu Ku-IT, Ezokuxhumana

Hhovisi LaseNingizimu ye-Afrika liphakela indawo echazwa yiZizwe Ezihlangene ne-Southern African Customs Union ngokuthi i- Ningizimu ye-Afrika. La mazwe ahlanganisa iBotswana, iLesotho, iNamibia, iNingizimu Afrika neSwaziland.

INingizimu Afrika iphakathi kwamazwe angu-20 aphambili emhlabeni ekuthuthukisweni kwezokuxhumana nasekusebenziseni i-Intanethi. Uma sicabangela ukukhula okukhulu ekusetshenzisweni koMakhalekhukhwini ne-Intanethi, kunezinkampani zendawo eziningi ezifuna ukubeka isisekelo kule ndawo kanye nasezwekazini lase-Afrika elikhulu. Eziningi zazo ziye zaqaphela ukuthi zingakwazi ukuzuza kakhulu futhi ziqinisekise ukuqhubeka zikhula kuphela uma zisebenzisa izindlela ezintsha zobuchwepheshe bewebhu. Lezi yizo zonke izindlela ezihlobene eduze nomsebenzi we-W3C.

I-Meraka Institute Iletha Ubuchwepheshe Besifunda be-ICT ku-W3C

I-Meraka Institute ingxenye ye-CSIR egxile ekucwaningeni nasekuthuthukeni ngaphakathi koBuchwepheshe Bolwazi Nezokuxhumana (ICT). I-CSIR ikhansela lokucwaninga elisekelwa uhulumeni elafakwa kumthetho-sisekelo woMthetho WePhalamede ngo-1945. I-Meraka Institute inabalingani ezinkampanini ezizimele nezikahulumeni, nezikhungo zemfundo ephakeme nezinhlangano ezikanye nazo emhlabeni wonke.

Enye yezinto i-Meraka egxile kuzo uKuvula izindlela ezintsha ku-ICT, okuholela ezintweni ezisetshenziswayo ezibhekelela izinselele zokukhula ezibhekene neNingizimu Afrika, iZwekazi kanye namazwe asathuthuka. Amaphrojekthi ahlanganisa i-National Accessibility Portal (egxile ku-ICT yabantu abakhubazekile nasebekhulile), i-Digital Doorway (i-Minimal Invasive Education), i-Wireless Africa (esezingeni eliyisisekelo eyenzelwe umphakathi) ne-ICT kwezemfundo kakade asebe negalelo elibaluleke kakhulu esimweni se-ICT eNingizimu Afrika.

Loku kugxila kulezi zinto, kanye nobudlelwano obuzinzile i-CSIR enabo kule mboni nasocwaningweni, kwenza i-Meraka Institute kuvele kube yiyo ekhethwayo ukuba iHhovisi le-W3C libe ngaphansi kwayo.

NgamaHhovisi E-W3C

Njengoba amaLungu ayo esebenzela ukubona amandla aphelele eWebhu, i-W3C ibumbana nezinhlangano zendawo ezifisa ukuqhubekisela phambili umgomo we-W3C. AmaHhovisi E-W3C ayasiza ngemizamo yokukhangisa ngezilimi zendawo, anwebe indawo okufinyelela kuyo i-W3C, futhi akhuthaze ukuba namanye amazwe abambe iqhaza eMisebenzini Ye-W3C. I-W3C inamaHhovisi e-Australia; emazweni aseBenelux; eZweni laseChina; eJalimane ne-Austria; eFinland; eGrisi; eHong Kong; eHungary; kwelaseNdiya; kwa-Israel; e-Italy; eKorea; eMorocco; eNingizimu Ye-Afrika; eSpain; eSweden; nase-United Kingdom ne-Ireland.

Nge-World Wide Web Consortium [W3C]

I-World Wide Web Consortium (W3C) inhlangano yezinkampani eziningana zamazwe ngamazwe lapho izinhlangano ezingamaLungu, abasebenzi abasebenza lapha ngokugcwele, nomphakathi bebambisana ukuze bakhe iZimiso zeWebhu. I-W3C ngokuyinhloko iphishekela umgomo wayo ngokwakhiwa kwezimiso zeWebhu neziqondiso eziklanyelwe ukuqinisekisa ukukhula kwesikhathi eside kweWebhu. Zingaphezu kuka-400 izinhlangano ezingamaLungu ale Nhlangayo yezinkampani. I-W3C ilawula i- MIT Computer Science and Artificial Intelligence Laboratory (MIT CSAIL) eMelika, i- European Research Consortium for Informatics and Mathematics (ERCIM) enehhovisi elikhulu eFrance, i- Keio University eJapane, futhi inamanye amaHhovisi emhlabeni wonke. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe bheka le ngosi http://www.w3.org/

 

Contact Americas, Australia --
Janet Daly, <janet@w3.org>, +1.617.253.5884 or +1.617.253.2613
Contact Europe, Africa and Middle East --
Marie-Claire Forgue, <mcf@w3.org>, +33.492.38.75.94 or +33.676.86.33.41
Contact Asia --
Yasuyuki Hirakawa <chibao@w3.org>, +81.466.49.1170